Kuqala bekuthi uma ingane yomfana isithombhile yase iphupha ilele nomuNtu wesifazane, leyongane ibithi uma ivuka ekuseni ibitshela umfobawo oyedwa bese lo otshelwe indaba uyidlulisela kuYise...
Leyongane yoMfana isizothathwa ke manje isiwe eMfuleni iyogezwa lelithunzi lalo wesifazane obeyivakashele ebusuku ilele. Okusho ukuthi ngamanye amagama iyolahlwa lokungcola ekuthole ngephupho ilele. Ukuze kusuke ukungcola kanti futhi zisuke izinkanuko kuyo...
Lokhu bekwenzelwa ukuthi uMntwana lo womfana akhule abe yindoda eqotho ekwaziyo ukuzithiba futhi yethembheke. Uma kuyolahlwa lelithunzi elifike kumfana kusetshenziswa iMvu emhlophe kuyo kuthathwa uMswane wayo kuyogezwa lomfana...
Empeleni iMbhuzi akumele ngabe iyasetshenziswa ngoba uma ihlatshwa iyakhala ibange umsindo ukukhala kweMbhuzi ihlatshwa kulanda imimoya eminingi. iMvu uma ihlatshwa iyathula ithi du ayikhali. Ngaleyondlela imimoya engalungile ayisondeli konke kuhambha kahle kuba nokuthula...
Empilweni yomntwana, into esuke idingeka lapha uMswane kuphela. Kanti ke futhi kukhona ukuthi kusetshenziswa umkhuleko nje kuphela wodwa ngale kokuchitha igazi lesilwane. Kukhulekwe isikhathi eside ebese uMntwana eyagezwa eMvakwa lokho, uma sekuqediwe uyathathwa asiwe ekhaya...
Uma efika ekhaya uyoyalwa oBaba bakulowo muzi bamuchazele kabanzi ukuthi yonke lento ayiphuphile ichaza ukuthini. Bebemchazela besho ukuthi lokhu akuphuphile kuchaza ukuthi usunenzalo, usezokwazi ukwandisa isibongo salapha ekhaya...
Umfana ubephindwe ayayalwe ukuthi angadlali ngezingane zabaNtu enze amacala. OBaba namaKhehla abemakha umfana bamdodise...ngiyobuye ngiqhubeke.. namhlanje sinamadoda noBaba abaningi abangazange bedlule kulesigaba angime.
You can follow @SabzerAzoh.
Tip: mention @twtextapp on a Twitter thread with the keyword “unroll” to get a link to it.

Latest Threads Unrolled: