Isiphandla:
• Ngolwazi enginalo, isiphandla akulona isiko lakwaZulu kodwa umkhuba nje. Isiphandla asisho lutho noma asihlanganisi abaphansi nabaphilayo kodwa sikhombisa nje ukuthi bekubuswa kulowomuzi obekuhlatshwe kuwo. Lokhu kusho ukuthi indaba yesiphandla ihlukene kaningi,

ake ngizame ukuyihlahlela ngiyineke kahle!
Isiphandla lapho umuntu evakashile:
• Emandulo bekuthi uma umuntu ebuya kade enohambo okungaba ukuvakashela izihlobo noma umngani, ubethi uma efika lapho avakashele khona ahlatshelwe, lokho ”kwakubizwa ngokuthi ukuhlatshiswa”,

obekuba yimbuzi bese kuthi lesosivakashi sigqokiswe isiphandla njengophawu noma ubufakazi bokuthi cha lomuntu olapha esigodini sakithi yisihambi lesi kodwa uvumelekile ukuthi abe lapha kanye nathi. Ukugqoka kwesivakashi isiphandla kwakukhombisa ukuthi sasemukelekile lapho
sasivakashele khona (kwakuyisikompilo lwezigodi ezithile leli).
Isiphandla sephisi elihlabene ekuzingeleni
• Kwakungagcini ke lapho ngoba ngisho namaphisi azingelayo ayangena endabeni yesiphandla. Ukuzingela lokhu phela wumdlalo ocishe ufane nomgangela lapho okushawa khona

izinduku ngoba onke amaphisi afuna ukubuya efumbethe enqineni uma ephume nezincanga zawo. Bekuthi uma amaphisi esebuya ekuzingeleni kuhlinzwe izinyamazane azibambile bese kuthi lowo ohlabene ngenyamazane enkulu njengomganka noma impala, kwakuwumthetho/umkhuba ukuthi lelophisi
lisike isiphandla saleyonyamzane bese lisifaka, lisigqoke, lokho ke okwakufana nokuchonywa ngophaphe legwalagwala emaphisini ngoba lesosiphandla sasisho ukuthi lelophisi lenze kahle kakhulu njengoba lalihlabene ngenyamazane enkulu lahlula amanye amaphisi ebelizingela nawo.
Isiphandla sokuzingela besingagcini nje kuphela ngesezinyamazane ngoba phela ngisho nesenyoka efana nenhlwathi amaphisi abesifaka, noma ke phela lokho bekungasho ukuthi inyoka yabe isuke izodliwa njengenyamazane.
Isiphandla lapho kuhlatshiwe ekhaya
• Sisagudla nayo ngenhla
Isiphandla lapho kuhlatshiwe ekhaya
• Sisagudla nayo ngenhla
kwedolo njengebheshu lendaba yesiphandla. Kuhambe kwahamba lomkhuba wesiphandla wadlulela, bese kuthi uma kuhlatshiwe nje ekhaya kuhlatshelwa abadala, okunamanje okusenziwa uma kunomsindo wesintu noma kukhona umcimbi owenziwayo, abakulowo muzi bebefaka iziphandla ukukhombisa
khona ukuthi bekubuswa ekhaya kodwa hhayi ngoba benzela amadlozi. (Yiwo kanye ke lomkhuba ogcine sewuholela ekuthini isizwe sibone sengathi kuyisiko ukufaka isiphandla)
Isiphandla nokuthwasela ubungoma
• Kuthiwa isiko lokufakwa kwesiphandla luqhamuke ngemuva kokudlula
Isiphandla nokuthwasela ubungoma
• Kuthiwa isiko lokufakwa kwesiphandla luqhamuke ngemuva kokudlula
kweLembe (Inkosi uShaka) emhlabeni. Kuthiwa ngemuva kokukhothama kweLembe kube nensakavukela kuhle komchilo wesidwaba ukuqhamuka kwezangoma. Kuyaziwa ke ukuthi ekuthwaseni ukuze umuntu abe yisangoma uphuma ephehlweni bese kuyahlatshwa ngoba phela umsebenzi wobungoma uhambisana
nabadala abahlale befuna ukuhlatshwelwa izilwane. Kwazi ngisho nohlanya ke ukuthi isanusi uma siphuma ephehlweni siyahlatshiswa uma sesibuyela ekhaya. Kuhlatshwa inkomo nembuzi okube sekuthi isangoma leso esibuya ephehlweni sigqoke iziphandla zasezandleni kanye nesiphandla
sasemzimbeni esisikwa sibe sikhulu sanele ukuhamba umhlane wonke kanye nesisu.
Bakwethu isiphandla asihlanganisi abaphilayo nabaphansi
• Ngiyazi ibuye inganambithisiseki kahle lendaba kulaba abakholelwa ekuthini ukufaka isiphandla kukuxhumanisa nabaphansi kepha kona cha
Bakwethu isiphandla asihlanganisi abaphilayo nabaphansi
• Ngiyazi ibuye inganambithisiseki kahle lendaba kulaba abakholelwa ekuthini ukufaka isiphandla kukuxhumanisa nabaphansi kepha kona cha
isiphandla asisho lutho. Izinto ezihlanganisa abantu nabaphansi yimpepho efakwa izicwiyo ezikhishwe embuzini isadikiza emva kokuba ihlatshiwe, kanye nenyongo yembuzi. Inyongo leyo kuyiwa nayo emsamo kwenziwe umkhuba wakulowo muzi seningazigqokela ke iziphandla uma nithanda.
https://abs.twimg.com/emoji/v2/... draggable="false" alt="👐" title="Open hands" aria-label="Emoji: Open hands">
https://abs.twimg.com/emoji/v2/... draggable="false" alt="👐" title="Open hands" aria-label="Emoji: Open hands">